Ukwelashwa Ngemisebenzi
Functional assessment and daily-living support vocabulary in isiZulu — understanding what matters most to a patient so therapy goals reflect their real life.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Good day Mr S, good day Ma’am. Thank you for allowing me to speak with you both today.
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Sawubona mnumzane kanye nomama S. Ngiyabonga ukungivumela ukuba ngizokhuluma nani namhlanje.
PATIENT (MR S)
ENGLISH
Yes, good day.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Yebo, sawubona.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
My name is Thandi. I am the occupational therapist here. My job is a little different from the doctors and nurses — I am not here to treat your stroke directly, but to help you get back to doing the things that are most important to you in your daily life. Does that make sense?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Igama lami nguThandi, ngingu-Occupational Therapist lapha esibhedlela. Umsebenzi wami uhlukile kancane kowodokotela nabahlengikazi. Angilaphi isifo sohlangothi (stroke) uqobo lwaso, kodwa ngikwazi ukukusiza ukuthi ubuyele ekwenzeni izinto ezibalulekile empilweni yakho yansuku zonke. Uyaqonda engikushoyo?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
(nodding slowly) Yes, I understand. Like… going back to work?
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
(enqakuzisa ikhanda kancane) Yebo, ngiyaqonda. Njengokubuyela emsebenzini?
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Exactly, that is one of the things we will talk about today. I want to understand your life before this happened — what you did every day, what was important to you — so that we can work together toward those goals. Is that okay?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Yebo, kunjalo impela. Yilokho esizokhuluma ngakho namuhla. Ngifuna ukuqonda ukuthi impilo yakho yayinjani ngaphambi kokuba ube nesifo sohlangothi — wawenzani nsuku zonke, yiziphi izinto ezazibalulekile kuwena — ukuze sisebenzisane sifinyelele osizweni oluzohambisana nesimo sakho sempilo. Kulungile yini lokho?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
Yes, that is fine.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Yebo, kulungile.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Mr S, can you tell me a little about yourself? What did your typical day look like before your stroke?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Mnu. S, ungangixoxela kancane ngawe? Usuku lwakho olujwayelekile lwalunjani ngaphambi kokuba ube nesifo sohlangothi?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
I woke up early — by four, half past four. I go to the rank. I have two taxis. I check the drivers, collect the money from the previous day, check the logbooks. Sometimes I drive myself if one of the drivers does not show up. By nine, ten o’clock I am back home. Then maybe I fix small things around the house, or I go to the spares shop if a taxi needs parts.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Bengivuka ekuseni kakhulu, cishe ngo-4 noma ngo-4:30. Ngihamba ngiye erenki. Nginamatekisi amabili. Ngihlola abashayeli, ngiqoqe imali yosuku olwedlule, ngibheke nama-logbook. Kwesinye isikhathi ngiyazishayelela uma omunye umshayeli engafikanga. Ngesikhathi sika-9 noma sika-10 sengibuyela ekhaya. Ngibe sengilungisa izinto ezincane ekhaya noma ngiye esitolo sezingxenye uma itekisi lidinga izingxenye.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
So you were very busy and very independent.
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ngakho ubumatasa kakhulu futhi uzimela ngokuphelele.
PATIENT (MR S)
ENGLISH
(with a sad smile) Very. I never sat still. My wife will tell you.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
(emamatheka ngokudabuka) Kunjalo. Bengingahlali phansi. Umkami angakutshela naye.
PATIENT’S WIFE
ENGLISH
(nodding) He never sat. Always moving, always busy.
UMKHAYA WESIGULI
ISIZULU
(enqekuzisa ikhanda) Ubengahlali phansi. Ubehlezi ehamba, ematasa.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
And outside of work, what other roles were important to you? For example, as a husband, a father, a grandfather, in your community or church?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ngaphandle komsebenzi, yiziphi ezinye izindima ezibalulekile kuwe? Isibonelo njengomyeni, ubaba, umkhulu, noma emphakathini noma esontweni?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
I am a church elder at our church, every Sunday — that is important to me. And my grandchildren, they come on weekends. I am the one who does the braai, I am the one who fixes things. Now I just sit here and watch.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Ngingumdala eBandleni lethu, njalo ngeSonto. Lokho kubaluleke kakhulu kimi. Nabazukulu bami beza ngezimpelasonto. Yimina oshisayo inyama, yimina olungisa izinto ekhaya. Manje sengiyahlala nje ngibukele.
(His voice breaks slightly. The OT pauses and acknowledges this.) / (Izwi lakhe liyaqhaqhazela. I-OT iyama isikhashana ukuze iveze ukuqonda.)
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
I can hear how much those things mean to you, Mr S. Thank you for sharing that. It helps me understand who you are beyond this hospital bed. That is exactly what I need to know so I can help you.
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ngiyakuzwa Mnu. S ukuthi lezo zinto zibaluleke kangakanani kuwe. Ngiyabonga ngokwabelana nami. Kungisiza ngikuqonde njengomuntu, hhayi nje njengesiguli esisesibhedlela. Yilokho engidinga ukukwazi ukuze ngikusize kahle.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
I would like to ask you about specific tasks — things you need to do, want to do, or are expected to do — and find out which ones are causing you the most difficulty right now. We call this the Canadian Occupational Performance Measure. I will ask you to score yourself, but there are no right or wrong answers, just your honest opinion. Okay?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Manje sengizokubuza ngemisebenzi ethile — izinto okudingeka uzenze, ofuna ukuzenza noma okulindeleke ukuthi uzenze — ukuze sibone ukuthi yiziphi ezikunikeza ubunzima kakhulu okwamanje. Lokhu sikubiza nge-Canadian Occupational Performance Measure. Ngizocela ukuthi uzilinganise wena, futhi azikho izimpendulo ezilungile noma ezingalungile. Ngifuna umbono wakho weqiniso kuphela. Kulungile?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
Okay.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Kulungile.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Let us start with self-care — looking after yourself. Things like bathing, dressing, eating, toileting. Which of these are giving you difficulty?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ake siqale ngokuzinakekela — ukugeza, ukugqoka, ukudla nokusebenzisa indlu yangasese. Yikuphi kulezi okukuhluphayo kakhulu?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
All of them, to be honest. Bathing — I cannot do it alone. I feel embarrassed. The nurses help me but… I am a grown man. I do not want to be bathed like a child.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Uma ngikhuluma iqiniso, konke kuyangihlupha. Ukugeza angisakwazi ukukwenza ngedwa. Ngiyasizwa ngizizwa ngiphoxekile. Abahlengikazi bayangisiza kodwa… sengimdala. Angifuni ukugezwa njengengane.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
(gently) That is completely understandable, and it is something we are going to work on together. What about dressing?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
(ngomoya wokududuza) Ngiyakuqonda ngokuphelele lokho, futhi yinto esizosebenzela kuyo ndawonye. Kuthiwani ngokuzigqokisa?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
My right hand works okay. But buttons — I cannot do buttons. My left hand does not listen to me. And bending down to put on shoes and socks, I am scared I will fall.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Isandla sami sokudla sisebenza kahle. Kodwa izinkinobho angisakwazi ukuzenza. Isandla sami sobunxele asisafuni ukungilalela. Futhi uma kufanele ngigobe ukuze ngigqoke izicathulo noma amasokisi, ngiyesaba ukuthi ngingawa.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
That is very helpful to know. And eating?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Lokho kubalulekile kakhulu ukuthi ngikwazi. Kuthiwani ngokudla?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
Eating is okay if the food is cut already. But I used to eat with my hands — isipho, umngqusho — now I struggle to hold the bowl and eat at the same time.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Ngiyakwazi ukudla uma ukudla sekusikiwe. Kodwa bengijwayele ukudla ngezandla — njengesitambu. Manje nginenkinga yokubamba isitsha ngiphinde ngidle ngesikhathi esifanayo.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Okay. Now let us talk about work. You mentioned the taxi business — what specifically are you most worried about not being able to do?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Kulungile. Manje ake sikhulume ngomsebenzi. Ubalule ibhizinisi lamatekisi. Yini ekukhathaza kakhulu ngokungasakwazi ukuyenza?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
(leaning forward slightly) Everything runs through me. The drivers call me, I manage the money, I check the books. I write everything down. Now I cannot write properly. I cannot type on my phone. I cannot even count the money fast enough with one hand. If I am not there, things fall apart.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
(egobela phambili kancane) Yonke into idlula kimi. Abashayeli bayangishayela ucingo, yimina ophetha imali, ngihlola amabhuku. Ngibhala yonke into phansi. Manje angisakwazi ukubhala kahle. Angisakwazi nokuthayipha kahle ocingweni lwami. Angisakwazi nokubala imali ngokushesha ngesandla esisodwa. Uma ngingekho, izinto ziyamosheka.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
I hear you. That is a very real concern and we will address that. Is there anyone currently managing things in your absence?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ngiyakuzwa. Leyo yinkinga ebalulekile futhi sizoyibheka. Kukhona yini okwamanje ophethe ibhizinisi ngesikhathi ungekho?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
My older son is trying. But he has his own job. He cannot do it forever.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Indodana yami endala iyazama. Kodwa nayo inomsebenzi wayo. Ayikwazi ukuqhubeka ingunaphakade.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
This sounds challenging. I would also like to ask a few questions about your home, so I can understand what you will be going back to. What type of home do you live in?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ngiyabona ukuthi lokho kunzima. Ngithanda futhi ukubuza ngomuzi wakho ukuze ngiqonde ukuthi uzobuyela esimweni esinjani. Uhlala endlini enjani?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
A brick house in Umlazi. We have a proper bathroom — toilet inside.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Ngihlala endlini yezitini eMlazi. Sinendlu yokugeza neyangasese ngaphakathi endlini.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
That is good. Are there any steps or stairs to get inside the house?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Kuhle lokho. Ingabe kukhona izitebhisi noma izinyathelo uma ungena endlini?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
Two steps at the front door. That is all.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
Kunezinyathelo ezimbili emnyango wangaphambili. Yizo kuphela.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
And the bathroom — is it a bath or a shower?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Endlini yokugezela — kunobhavu noma ishawa?
PATIENT’S WIFE
ENGLISH
We have a bath. No shower.
UMKHAYA WESIGULI
ISIZULU
Sinobhavu kuphela. Ayikho ishawa.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Okay, a bath board might make bathing safer and more independent for you. We will discuss that when the time comes. Is the toilet separate or in the bathroom?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Kulungile. Ibhodi likabhavu lingasiza ukwenza ukugeza kuphephe futhi kukusize uzimele kakhulu. Sizokhuluma ngalokho ngesikhathi esifanele. Ingabe indlu yangasese ihlukene noma isendlini yokugezela?
PATIENT’S WIFE
ENGLISH
It is all together — in one room.
UMKHAYA WESIGULI
ISIZULU
Kusendlini eyodwa konke.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Perfect. And in terms of getting to the clinic for follow-up appointments, how would you travel?
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Kuhle kakhulu. Mayelana nokuza emtholampilo ngezikhathi zokuhlolwa, ubungafika kanjani?
PATIENT (MR S)
ENGLISH
(with a short laugh) I have taxis. That is not a problem.
ISIGULI (MNU. S)
ISIZULU
(ehleka kancane) Nginamatekisi. Lokho akuyona inkinga.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
(smiling) Of course. Good.
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
(emamatheka) Kunjalo impela.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Before we end our session, may I please ask you to perform some of these movements for me. Shoulder flexion, shoulder extension, in gravity-eliminated plane. Checking for tone — ask patient to relax the limb and you will be moving it, increasing velocity.
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Ngaphambi kokuba siqede iseshini yethu, ngicela ungenzele leminyakazo. Ngicela uphakamise ingalo yakho iye phambili ngangokwenzeka. (Shoulder flexion) Manje ngicela uyibuyisele emuva. (Shoulder extension) Manje sengizohlola ukuthi imisipha yengalo yakho izizwa kanjani. Ngicela uyikhulule ngokuphelele ingalo yakho, ungazami ukungisiza noma ukuyivimba. Mina ngizobe ngiyinyakazisa, futhi ngizoyinyakazisa ngesivinini esihlukene, kancane bese ngokushesha, ukuze ngibone ukuthi imisipha isebenza kanjani.
OCCUPATIONAL THERAPIST
ENGLISH
Mr S, thank you so much — and thank you too, Ma’am — for taking the time to speak with me today. You have given me a very clear picture of who you are and what matters most to you. Based on what you have told me, our main focus areas will be regaining your independence in self-care, building up the strength and coordination in your left hand, and working toward returning to managing your business. We will also look at some assistive devices that can help you do your tasks safely and independently.
UMSIZI WEZEMPILO WOMSEBENZI
ISIZULU
Mnu. S, ngiyabonga kakhulu ngokuthatha isikhathi sokukhuluma nami namuhla. Ngiyabonga nakuwe futhi, Mama. Ninginike isithombe esicacile sokuthi ningobani nokuthi yini ebaluleke kakhulu kini. Ngokwalokho eningitshele khona, sizogxila kakhulu ekukusizeni ubuyele ekuzinakekeleni ngokuzimela, sithuthukise amandla nokuhleleka kokunyakaza kwesandla sakho sobunxele, futhi sisebenzele ukuthi ukwazi ukuphinda uphathe ibhizinisi lakho. Sizophinde sibheke nezinsiza ezingakusiza wenze imisebenzi yakho ngokuphepha nangokuzimela.