Musculoskeletal System · Uhlelo Lwemisipha Namathambo
Musculoskeletal System
Work through history taking, examination phrases, vocabulary and common conditions for the musculoskeletal system in isiZulu. Click any section to expand it.
Section 01
History Taking
37 questions · 4 categories
Presenting Complaint
Do you have pain in your bones?
Ngabe unobuhlungu emathenjeni akho?
Do you have any joint pains and are they swollen?
Ngabe unazo yini izinhlungu kwamalunga akho, futhi avuvukile yini?
Are the joints stiff in the morning and for how long?
Ngabe aqina isikhathi esingakanani ekuseni amalungu akho?
Do you have any skin rashes?
Ngabe unakho ukuqubuka emzimbeni?
Have you experienced any colour change of your fingers (Raynaud's phenomenon)?
Wake wabanakho ukushintsha kombala eminweni yakho?
Do you feel your muscles are weaker?
Ngabe uzwa sengathi imisipha yakho ibuthakathaka kakhulu?
Are you able to stand up from the chair easily?
Uyakwazi ukusukuma esihlalweni kalula?
Are you able to climb steps?
Uyakwazi ukunyuka izitebhiso?
Are you able to brush your teeth on your own?
Ngabe uyakwazi ukuzixubha amazinyo?
Do you easily drop things from your hand?
Ngabe uyaziwisa kalula izinto oziphethe?
Are you able to raise your hands above your head?
Uyakwazi ukuphakamisa izandla zakho zidlule ikhanda?
Do you have any problems with your back?
Ngabe unezinkinga ngeqolo lakho?
Do you ever have a tingling sensation in your hands or legs?
Uke ube nomuzwa wokukitazeka ezandleni noma emilenzeni yakho?
Do you have feelings in your hands and legs?
Ngabe unayo imizwa ezandleni nasemilenzeni yakho?
Are you able to move your hand/leg?
Uyakwazi ukunyakazisa isandla noma umlenze wakho?
Past Medical History
Have you ever had TB?
Wake waba nesifo sofuba?
Have you ever had any tests for your muscles before?
Wake wahlolwa imisipha ngaphambilini?
Have you ever had any x-rays done?
Wake wenziwa isithombe sokuhlola (i-eksireyi)?
Did you ever have an infection in your bone?
Ngabe wake waba nokufa okuthile ethanjeni lakho?
Have you ever had any injuries to your joints before?
Ngabe wake walimala amalungu phambilini?
Have you ever had an injury at work?
Ngabe wake walimala emsebenzini?
Are you still getting your periods? When did your periods stop?
Ngabe usaya esikhathini? Uyeke nini ukuya esikhathini?
Family History
Does anyone in your family use a wheelchair?
Ngabe ukhona ohamba ngesihlalo samasondo emndenini wakho?
Does anyone in your family have a similar problem?
Ngabe ukhona onenkinga efana neyakho emndenini wakho?
Does anyone in your family have arthritis?
Ngabe ukhona onesifo sokuqaqamba kwamalunga emndenini wakho?
Does anyone in your family have any immune conditions?
Ngabe ukhona emndenini wakho onenkinga yamasosha omzimba?
Has anyone in your family been born with any muscle problems?
Ngabe ukhona emndenini wakho owazalwa enenkinga yemisipha?
Does anyone in your family have gout?
Ngabe ukhona onesifo se-gout (segawuthi) emndenini wakho?
Social History
Where do you live?
Uhlala kuphi?
Who do you live with?
Uhlala nobani?
Do you have access to water and electricity?
Ngabe unawo amanzi nogesi?
Do you smoke? Have you smoked cigarettes before?
Uyabhema? Wake wabhema ngaphambilini?
Do you drink alcohol? Have you consumed alcohol before?
Uyabuphuza utshwala? Wake wabuphuza utshwala ngaphambili?
Are you working? What type of work do you do?
Uyasebenza? Msebenzi muni owenzayo?
Has your illness affected your ability to do your job?
Ngabe ukugula kwakho kube nomthelela ekusebenzeni kwakho?
Do you play any sports?
Ngabe uyazibandakanya kwezemidlalo?
Are you getting a disability grant?
Ngabe uyasithola isibonelelo sabakhubazekile?
Section 02
Examination
20 phrases · 7 categories
A · General / Functional Assessment
B · Skin and Joint Inspection
C · Palpation
D · Active Movement
E · Passive Movement
F · Power Assessment
Section 03
Vocabulary
11 terms
Section 04
Conditions
14 conditions