Infection Diseases/AIDS · Izifo Ezithathelwanayo/Ingculazi
Infection Diseases/AIDS
Work through history taking, examination phrases, vocabulary and common conditions for infectious diseases and HIV/AIDS in isiZulu. Click any section to expand it.
Section 01
History Taking
27 questions · 6 categories
Presenting Complaint
Have you had any fever or rigors?
Uke waba nomkhuhlane noma ukuqhaqhazela komzimba?
Is the fever continuous or intermittent?
Ngabe umkhuhlane ukuphatha njalo noma uyafika uphinde unyamalale?
Have you checked your temperature and what was the highest temperature?
Usuke walihlola izinga lokushisa komzimba wakho, libe phezulu kangakanani?
Have you been in close contact with anyone who has been sick lately? What symptoms have they been experiencing?
Ngabe uke wasondelana nomuntu ogulayo muva nje? Yiziphi izimpawu abenazo?
Do you have night sweats?
Ngabe uyajuluka ebusuku?
Have you noticed any weight loss? Describe the weight loss. Was it intentional or not?
Uke wazibona sengathi wehlile emzimbeni? Chaza ukuthi bewehle kangakanani. Bewehle ngoba uhlosile noma ngokungenhloso?
Past Medical History
Are your immunizations up to date?
Ngabe uyithatha ngesikhathi esifanele yonke imijovo?
Are you currently taking any antibiotics?
Ngabe ikhona imithi elwa namagciwane oyisebenzisayo?
Have you ever been tested for HIV? What were the results? When was the test done? Which test was done?
Wake wahlolelwa yini igciwane lesandulela ngculazi ngaphambilini? Yabuya ithini imiphumela? Wahlolwa nini? Yiluphi uhlobo lokuhlolwa olwenziwa?
If the test was positive, what was the baseline CD4 count? Have you started on any medication? Do you know your current viral load and CD4 count?
Uma watholakala ukuthi unalo igciwane lesandulela ngculazi, yayithini i-CD4 count yakho? Ngabe ikhona imithi oyithathayo? Ngabe uyalazi inani legciwane egazini lakho kanye ne-CD4 count?
Have you had any issues with the medication?
Ngabe uke waba nezinkinga ngomuthi owusebenzisayo?
Have you ever been diagnosed with tuberculosis?
Wake waba nesifo sofuba?
Have you ever been treated for Meningitis?
Wake welashwa yini isifo se-Meningitis?
Do you have any mental health illnesses?
Ngabe unakho ukugula ngokomqondo?
Past Surgical History
Have you had any previous surgeries?
Uke wahlinzwa ngaphambilini?
Allergies
Do you have any allergies?
Ngabe khona okuthile okungahambisani nomzimba wakho?
Sexual History
Are you sexually active?
Ngabe uyaya ocansini?
Have you had multiple sexual partners?
Ngabe uke waba nabalingani bocansi abaningi?
Do you use protection consistently?
Ngabe uyalisebenzisa ijazi lomkhwenyana njalo uma uya ocansini?
Have you ever been treated for Syphilis or any other sexually transmitted diseases?
Uke welashwa ugcunsula noma ezinye izifo ezithathelana ngokocansi?
Social History
Where do you currently stay? Who do you stay with? How many rooms are there?
Uhlala kuphi njengamanje? Uhlala nobani? Mangaki amagumbi lapho uhlala khona?
Have you travelled anywhere recently? Where have you been to?
Kukhona lapho oke waya khona mumva nje? Ubuye kuphi?
Do you work with any infectious agents?
Ngabe usebenza ngezinto ezigulisayo?
Do you inject any drugs?
Ngabe zikhona izidakamizwa ozijova ngazo?
Have you ever shared any needles?
Wake wayisebenzisa inaliti eyodwa nomunye umuntu?
Do you smoke?
Uyabhema?
Do you drink alcohol?
Uyabuphuza utshwala?
Section 02
Examination
65 phrases · 10 categories
Consent
I will make sure that your privacy is protected as much as possible during the examination.
Ngizoqinisekisa ukuthi ubuwedwa ngenkathi uhlolwa.
I need to expose and examine your genital area using my hands. Is that okay?
Ngidinga ukuvula ngiphinde ngihlole isitho sakho sangasese ngisebenzisa izandla. Kulungile lokho?
General
Skin Examination
Hands Examination
Face, Eyes and Mouth Examination
Lymph Node Examination
Respiratory Examination
Cardiovascular Examination
Abdominal Examination
Neurological Screening Examination
Section 03
Vocabulary
17 terms
Section 04
Conditions
21 conditions